Meditation, Christian meditation
 
UMPHAKATHI   WOMHLABA   WOKUZINDLA   KWAMAKHRESTU
UMPHAKATHI   WOMHLABA   WOKUZINDLA   KWAMAKHRESTU
UMPHAKATHI   WOMHLABA   WOKUZINDLA   KWAMAKHRESTU
Xana u nga tikambela njhani, Christian meditation, WCCM




Izifundo
Izifundo

Ubuhle bokuzindla obumangalisayo ukuthi ukuvuleka kwezinhliziyo zethu kwenzeka ngokwemvelo njengokuvuleka kwembali. Ukuthi imbali ivuleke ibe yinhle kubalulekile ukuthi uyiyekele yenze njalo; uma sinje, uma futhi sihlala sithule, inhliziyo yethu iyohlala ivulekile. Angeke kuthelwe Moya ebuntwini bethu siqu. Isizathu sokwenziwa kwethu kwakuyiso lesi.

 JOHN MAIN OSB (1926-1982)

“Izingxaki zomuntu onguMkhrestu” (The Christian Crisis)

Ithathelwe ku-John Main OSB, UKHRESTU OKHONA (New York: Crossroads, 1991), amakhasi 74-76

… Ukuze sibe nomoya kufanele sifunde ukuzishiya emuva thina amakholwa asemthethweni – okungukuthi sishiye emuva AbaFarisi abanyonyoba ngaphakathi kithi sonke – njengoba uJesu asitshela, kufanele sizishiye emuva thina uqobo. Yonke imifanekiso yethu eza njengoba iza kulobu buchopho bethu obungebuhle bokuzazisa, kufanele kwehliswe futhi kweqelwe ngale uma kufanele sifuna ukuba munye nathi uqobo, noNkulunkulu, nabafowethu – okungukuthi ukuthi sibe ngabantu ngempela, ngempela ngempela sizithobe.

Imifanekiso yethu kaNkulunkulu ngokufanayo kufanele iphele. Akufanele sikhonze izithombe.  Siyaye sithole ukuthikaziseka endleleni uma imifanekiso yobuthina isala endleleni, okuphakamisa ukuthi …sihlala njalo siqagela, ukuthi imifanekiso yethu kaNkulunkulu kwakuyimifanekiso yethu ngempela. Kulolu hlelo oluyisimanga lokukhanyelwa ngokugcwele yiQiniso, lokushiya inkohliso, ukuthula okukhulu okuvela ngaphakathi ekujuleni komnyombo wengaphakathi. Sizizwa sishaqekile ekuthuleni kwangaphakathi kukaNkulunkulu. Asisakhulumi noNkulunkulu noma okubi kakhulu kunalokhu, ukukhuluma nathi uqobo. Sifunda ukuba noNkulunkulu, ukuba kuNkulunkulu. […]

Ohanjeni lokomoya kuthatha amandla amaningi ukuthula kunokugijima. Abantu abaningi bachitha isikhathi sabo amahora amaningi begijimela lokhuya nalokhuya ngenxa yokuthi bayakwesaba lokhu kuthula. Ukwesaba okuthize okukhona kungasengama uma sibhekana nalokhu kuthula okokuqala…Kodwa uma singathola isibindi sokubhekana nalokhu kuthula, singena ekuthuleni okungaphezu kokuqonda konke.

Akungabazeki ukuthi kulula ukufunda lokhu emphakathini olinganisene nosimeme. Emhlabeni ongcolile nodidekile kunamazwi amaningi akhohlisanayo, amaningi afuna ukuthi siwanake. Kodwa umbono womuntu ongumKhrestu awuzibeki ebucayini ngokomqondo wawo, ukwala kwawo izinto ezingaphezu kokulindelekile, isimemo sawo komunye nomunye ukuthi sibe nesibindi okuba yithi uqobo lwethu hhayi nje ukuthi siphendule emifanekisweni esiyinikwe ivela ngaphandle. […]

Into okufanele umuntu ngamunye ayifunde kulolu lwazi lokuzindla ukuthi amandla ohambo olungcwele akhona awayi ndawo. Kuyisinyathelo esisodwa kuphela sokholo ukuthi sizazele kusuka olwazini esinalo. Into ebaluleke kakhulu okufanele ikhunjulwe yileyo yokona kodwa isinyathelo sangempela sibaluleke kakhulu kunesibalo sohambo olwenziwe emicatshangweni.

Zindla Imizuzu Engamashumi Amathathu … Khumbula: Hlala uthule futhi uqonde. Amehlo avale kancane. Hlala ukhululeke kodwa uqaphele. Ngokuthula, ngaphakathi, qala usho igama elilodwa. Sincoma amazwana omthandazo “Maranatha”.” Kusho njengamasilebuli amane anobude obulinganayo. Alalele uma ulokhu usho, ngesineke, kodwa uqhubeke. Ungacabangi lutho – okomoya noma okunye. Kungenzeka kufike imicabango nemifanekiso, kodwa kuyeke kwedlule. Yibelokhu ubuyisa ukunaka kwakho – ngokuzehlisa nangokuba sobala – ukusho igama lakho ngokukholwa, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni kokuzindla kwakho.

Uhambo lokuyozindla olungcwele

Ukuzindla kuwuhambo lwakho olungcwele lokuya ezibilini zakho ngqo, enhliziyweni yakho. Sidinga ukholo ukuthi sifane nezingane. Ngokholo nokubekezela ukuzindla kukuholela ekujuleni kwamandla okuthula. Singena emfihlakalweni kaNkulunkulu ngakho lokhu kuthula. Ukuzindla koMkhrestu kukumemela ekutheni sizikhohlwe thina, bese sihlangana noNkulunkulu. Omunye nomunye wethu ubizelwe kule nhloso njengoba iwukuphelela kwempilo yomuntu. Into esiyidingayo nje ukuthi sehliswe ukuze sikwazi ukukholwa ukuze umqondo kaKhrestu ube isisekelo solwazi lwezimpilo zethu zonke.

Ukuzindla yilokhu amaKhrestu akudala eyakubiza ngokuthi “umthandazo ocwebile”. Kuyisiphiwo esijule kakhulu okufanele sisifunde kancane kancane. Angeke siyiqonde incazelo yakho ephelele ekuqaleni. Kodwa njalo uma sizindla singena kuleli qiniso sijule kakhulu. Ngoba kusiholela othandweni lomnyombo wokuphila kwethu, kusenza ukuthi sibe ngabantu abanothando kubona bonke ubudlelwane bethu. Ukuzindla uyisisekelo sokuziphatha kahle nokuphila kahle.

Namhlanje, kufanele sibuyise izinguquko zempilo ezicabangisayo ezitshengisa ukuthula okuvele sekukhona ekuphileni kwethu. Ukuzindla kwansuku zonke akusikho nje okwethu. Ngokusenza abenzi bokuthula, ukuzindla kusiza wonke umndeni wesintu.

 

Meditation, Christian meditation, WCCM Updated : 9 September 2009           Webmaster : swarts@btinternet.com