|
Ukuzindla kwamaKhrestu:
Thula wazi
Ukuzindla kwamaKhrestu:
Thula wazi
ukuthi nginguNkulunkulu
ukuthi nginguNkulunkulu
Ngonyaka ka-1975 u-John Main OSB (1926-1982) wavula Isikhungo Sokuzindla
samaKhrestu sokuqala esigodlweni sakhe e-London. Wayephinde futhi wathola isiko
elilula lokuthula, ukujula ngomcabango ezimfundisweni zezindela zakudala
zobuKhrestu, Obaba Bogwadule. Kwasheshe kwacaca kuye ukuthi leli siko
lalifanelekile esikhathini sanamhlanje hhayi nje kuphela ezindleleni. Wakubona
njengendlela yokuvuselela isonto kanye nomhlaba.
Ukuzindla kulula futhi kuyenzeka. Kuya ngolwazi kunokusebenzisa ucabanga:
kuyindlela yokuphila kunokuba yindlela yokucabanga. Ngendlela yomphumela
ukuzindla okunayo empilweni yomuntu kungaphezulu ngisho kunendlela yokuthandaza;
indlela yokuphila, indlela yokuphila ekujuleni kwesisekelo sempilo yomuntu ngazo
zonke izikhathi.
Ukuzindla komKhrestu kugxile kuKhrestu. Lokhu kusho ukuthi kusekelwe
ekuqhubekeni nokuthanda uKhrestu okuthululelwe nguMoya Ongcwele ekujuleni
komuntu ngamunye. Okujule kunayo yonke imibono ngoNkulunkulu uNkulunkulu uqobo
lwakhe. Okujule kakhulu kunokucabanga ubuqiniso bukaNkulunkulu. Ngakho-ke, ngale
ndlela yokuzindla okucwebile sishiya yonke imicabango, amazwi kanye nemifanekiso
ngemuva ukuze “imiqondo yethu siyibeke eMbusweni kaNkulunkulu ngaphambi kwakho
konke okunye”. Ngale ndlela sishiya ukuzazisa kwethu uqobo emuva sife sivuke
sibe yithi uqobo ngeqiniso kuKhrestu.
“Ukuzindla iyonanto eshoda kakhulu empilweni yomuntu ongumKhrestu kulesi
sikhathi sanamhlanje. Akushiyi ngaphandle ezinye izinhlobo zokuthandaza futhi
kuqinisa ukwesaba kwakho amasakhramente kanye nombhalo.” LAURENCE FREEMAN OSB.
“Thula wazi ukuthi nginguNkulunkulu”
Ukuzindla kuphathelene nokuthula komoya kanye nomzimba. Nangale kwakho konke
ukuphazamiseka kulo mhlaba wesimodeni, kungenzeka kahle nje lokhu kuthula
kubantu besikhathi sanamhlanje. Kodwa ukuze sifinyelele kulokhu kuthula kufanele
sinikele ngesikhathi emsebenzini wokuthula.
Indlela esikwenza ngayo lokhu ukuthi sisho amazwana amafushane, noma igama
lomzindlo, esikubiza namhlanje ngokuthi i-mantra (okuyigama eliphindaphindwayo
emthandazweni ukusiza ukuthi umuntu agxile emkhulekweni). I-mantra indlela
egcwele ukukholwa yokuguqula ukunaka kwethu kube ngaphezu kwethu, indlela
yokusisusa imicabangweni yethu nasekukhathazekeni kwethu. Ukuzindla kwenza
ubunye bomzimba, umqondo kanye nomoya.
Lena inhloso
esiyinikwa embhalweni: “Thula wazi ukuthi nginguNkulunkulu”. Ekuzindleni ilambu
lokufuna ukwazi kwethu siyalicisha. Asicabangi noma asikhulumi noNkulunkulu
nhlobo. Sifuna ukwenza into enkulu engenakulinganiswa: sifuna ukuba noNkulunkulu,
ukuba semqondweni kaKhrestu. Siba ngale kwemicabango, ngisho imicabango engcwele.
Ukuzindla akunandaba nokucabanga kodwa kunendaba nokuphila. Inhloso ekuzindleni
kwethu kobuKhrestu ukuvumela ubukhona bukaNkulunkulu obuyimfihlo nobuthule
osebuvele bungaphakathi kithi ukuthi bube yiqiniso elinikeza incazelo, isimo
sokwakheka kanye nenhloso kuyo yonke into esiyiyo nesiyenzayo. Umsebenzi
wokuqala wokuzindla ukuthi ubuyise imiqondo yethu ephazamisekile inake
ngokuthula, ithule futhi ingabi nalutho.
|